Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 27:23 - IsiZulu 2020

Wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamgunyaza, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamnika isikhundla, njengalokho uJehova ekhulumile ngesandla sikaMose.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamyala, njengalokho uJehova eyalile ngesandla sikaMose.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 27:23
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wathi kuMose: “Thatha uJoshuwa, indodana kaNuni, umuntu onoMoya wami, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,


ummise phambi kuka-Eleyazare, umphristi, naphambi kwenhlangano yonke, umgunyaze phambi kwayo ibuka.


UMose wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile; wamthatha uJoshuwa, wammisa phambi kuka-Eleyazare, umphristi, naphambi kwenhlangano yonke.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


“Ngamyala uJoshuwa ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Amehlo akho abonile konke uSimakade uNkulunkulu wenu akwenze kulawa makhosi amabili, ngakho-ke uSimakade uyokwenza kanjalo kuyo yonke imibuso enisazodabula kuyo.


Kodwa yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela ehola laba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’


Wamgunyaza uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba nguwe ozongenisa abantu bakwa-Israyeli ezweni engafunga ngalo kubo; Mina ngizokuba nawe.”


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebeke izandla kuye; abantu bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.