Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 27:11 - IsiZulu 2020

Uma uyise engenabafowabo, niyakulabela isihlobo sakhe esisondelene naye emndenini, silidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sobulungiswa kwabakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uma uyise engenabafowabo, niyakunika isihlobo sakhe esiseduze naye emndenini wabo ifa lakhe, alidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sesahlulelo kubantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Uma uyise engenabafowabo, kumelwe nilinike isihlobo sakhe segazi esiseduze naye ohlwini lwaso ifa lakhe, silidle; futhi kumelwe kube yisimiso sokwahlulela kubantwana bakwa-Israyeli, njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 27:11
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“UHanameli, indodana yomfowabo kababa, wafika kimi ngisegcekeni labalindi njengokusho kwezwi likaSimakade, wathi kimi: ‘Ake uthenge insimu yami ese-Anathothi kwaBhenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele yona.’ “Ngase ngazi mina ukuthi leli lizwi livela kuSimakade.


“ ‘Uma umfowenu eba mpofu, bese ethengisa ngefa lakhe, kuyofika umhlengi oyisihlobo sakhe esisondele silihlenge ifa umfowabo athengise ngalo.


kungaba nguyisekazi noma indodana kayisekazi engamhlenga, noma omunye oyisihlobo sakhe segazi angamhlenga, kodwa uma eba ngocebileyo angazihlenga yena.


Uma engenabafowabo, niyakulabela abafowabo bakayise.


“ ‘Lokho kuyoba yisimiso sokwehlulela kini, nasezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindlu zenu.


Kwenzeka kanjalo kusukela ngalolo lusuku kuqhubeka, wakwenza lokho kwaba yisimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.