UNumeri 26:9 - IsiZulu 2020 Amadodana ka-Eliyabe: nguNemuweli, uDathani no-Abhiramu. ODathani no-Abhiramu babekhethwe phakathi kwenhlangano, bamelana noMose no-Aroni beseviyweni likaKhora, lapho bavukela khona uSimakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amadodana ka-Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova; Contemporary Zulu Bible 2024 Amadodana ka-Eliyabe: uNemuweli noDathani no-Abiramu. Yilabo oDathani no-Abiramu ababaziwa ebandleni, balwa noMose no-Aroni eqenjini likaKora ekulweni kwabo noJehova; |
Yilaba ababizwa enhlanganweni, abaholi bezizwana zokhokho; babeyizinhloko zemindeni yakwa-Israyeli.
Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.