UNumeri 26:63 - IsiZulu 2020 Yilabo-ke abaLevi ababalwa nguMose no-Eleyazare, umphristi, ngesikhathi kubalwa abakwa-Israyeli emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko. Contemporary Zulu Bible 2024 Yilabo ababalwayo nguMose no-Eleyazare umpristi, ababebala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko. |
UMose no-Eleyazare, umphristi, bakhuluma nabakwa-Israyeli emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho, bathi:
Sebebonke abaLevi besilisa kusukela konenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babeyizi-23 000. Bona ababalwanga nabesilisa bakwa-Israyeli, ngoba babengezukuthola sabelo esizoba yifa labo ezweni. Ababelwanga ifa kwabakwa-Israyeli.
Akukho namunye owasalayo phakathi kwalabo ababebalwe nguMose no-Aroni, umphristi, okuyibona ababala abakwa-Israyeli ehlane iSinayi,
Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engama-40 ehlane, saze saphela isizwe namadoda empi ababephume eGibhithe, abangalalelanga izwi likaSimakade, afunga ngalo kubo ukuthi abasoze balibone izwe ayethembise ukulinika oyisemkhulu, izwe elichichima ubisi noju.