Niyakulehlakunisa ngonkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobele kini baze bazala abantwana behleli nani. Labo-ke seniyokubathatha njengeminsinsi yokuzimilela kubantu bakwa-Israyeli, nabo bayakwabelwa ifa kanye nani ezizweni zakwa-Israyeli.
UNumeri 26:56 - IsiZulu 2020 Izwe liyakwabelwa abaningi nabayingcosana ngonkatho.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokwesiphetho, ifa layo limelwe ukwahlukaniselwa abaningi nabambalwa. |
Niyakulehlakunisa ngonkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobele kini baze bazala abantwana behleli nani. Labo-ke seniyokubathatha njengeminsinsi yokuzimilela kubantu bakwa-Israyeli, nabo bayakwabelwa ifa kanye nani ezizweni zakwa-Israyeli.
Izwe liyokwabiwa ngonkatho. Yileso naleso sizwana sabelwe ngokwamagama okhokho baso.
Nampa ababalwayo kubaLevi ngemindeni yabo: kuGereshoni: ngumndeni wabakwaGereshoni; kuKhohathi: ngumndeni wabakwaKhohathi; kuMerari: ngumndeni wabakwaMerari.
Pho kwenzekani na? Lokhu u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kodwa kwatholwa ngabakhethiweyo, abanye benziwa baba lukhuni,