UNumeri 26:55 - IsiZulu 2020 Izwe liyokwabiwa ngonkatho. Yileso naleso sizwana sabelwe ngokwamagama okhokho baso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha izwe liyakuhlukaniswa ngenkatho, ifa ngokwamagama ezizwe zoyise. |
Niyakulehlakunisa ngonkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobele kini baze bazala abantwana behleli nani. Labo-ke seniyokubathatha njengeminsinsi yokuzimilela kubantu bakwa-Israyeli, nabo bayakwabelwa ifa kanye nani ezizweni zakwa-Israyeli.
Niyakulidla izwe ngonkatho, ngokwemindeni yakini, abaningi niyakubabela ifa elikhulu, nabayingcosana nibabele ifa elincane, noma kuphi lapho unkatho lumudla khona umuntu, kuyakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwana zoyihlo.
UMose wabayala abakwa-Israyeli, wathi: “Leli yizwe eniyolaba ngonkatho, uSimakade ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nengxenye,
zathi: “USimakade wayiyala inkosi yami ukuba inike abantu bakwa-Israyeli izwe libe yifa labo ngonkatho. USimakade wayiyala futhi inkosi yami ukuba inike amadodakazi omfowethu uZelofehadi ifa lakhe, libe yifa lawo.
Base bebenzela unkatho, lwadla uMathiyase; wayesebalwa kanye nabaphostoli abali-11.
Ngakho-ke uJoshuwa walidla lonke izwe njengakho konke uSimakade ayekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa lakhe, wamabela ngokwezizwe zakhe. Izwe laphumula ekulweni.
Ifa labo lehlukaniswa ngonkatho, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose maqondana nezizwana eziyisishiyagalolunye nengxenye.
Isizwana sabozalo lukaJosefa sakhuluma noJoshuwa, sathi: “Usinikeleni isabelo sasinye nengxenye eyodwa kuphela, ukuba kube yifa lethu, njengoba singabantu abaningi, futhi uSimakade eqhubeka nokusibusisa na?”
Anoloba nilichaze izwe nilehlukanise kasikhombisa, bese niletha incazelo kimi, nginenzele unkatho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu.
Unkatho lwesibili lwadla uSimeyoni. Isizwana sabozalo lukaSimeyoni ngemindeni yaso ifa laso laliphakathi kwefa labozalo lukaJuda.
Unkatho lwesithathu lwadla abozalo lukaZebuloni ngokwemindeni yabo. Umngcele wesabelo sabo wawufinyelela eSaridi;