UNumeri 26:33 - IsiZulu 2020 UZelofehadi, indodana kaHeferi, wayengenamadodana enamadodakazi wodwa. Amagama amadodakazi kaZelofehadi yilawa: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa. Contemporary Zulu Bible 2024 USelofadi indodana kaHeferi wayengenamadodana, enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi kwakunguMagila, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa. |
Kwase kusondela amadodakazi kaZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri emndenini kaManase, indodana kaJosefa. Nanka amagama amadodakazi akhe: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza.
“Ubaba wafela ehlane, wayengekho phakathi kweviyo labavukela uSimakade, iviyo likaKhora. Kepha wafela esakhe isono engenandodana.
Kepha uZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri kaManase wayengenamadodana, kungamadodakazi odwa. Nanka amagama amadodakazi akhe: uMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThirisa.