Amadodana kaSimeyoni kwakunguJemuweli, uJamini, u-Ohadi, uJakhini, uZoha noShawule, owayezalwa ngowesifazane ongumKhanani.
UNumeri 26:12 - IsiZulu 2020 Abozalo lukaSimeyoni ngemindeni yabo yilaba: kuNemuweli: ngumndeni wabakwaNemuweli; kuJamini: ngumndeni wabakwaJamini; kuJakhini: ngumndeni wabakwaJakhini; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo: kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli; kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini; kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini; Contemporary Zulu Bible 2024 Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo: kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli; kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini; kwaJagini: ngumndeni wakwaJagi; |
Amadodana kaSimeyoni kwakunguJemuweli, uJamini, u-Ohadi, uJakhini, uZoha noShawule, owayezalwa ngowesifazane ongumKhanani.
Wazimisa izinsika zomphemegumbi wethempeli, insika yangakwesokunene wayiqamba ngokuthi uJakini. Insika yangakwesokhohlo ayimisayo wayibiza ngokuthi uBhowazi.
Nazi izinhloko zokhokho ngokwezindlu zazo: amadodana kaRubeni izibulo lika-Israyeli: nguHanoki, uPhalu, uHezironi, noKharimi. Yiyo-ke le imindeni kaRubeni.
Amadodana kaSimeyoni: nguJemuweli, uJamini, u-Ohade, uJakhini, uZohari, noShawule indodana yowesifazane waseKhanani. Yiyo-ke leyo imindeni kaSimeyoni.
Abozalo lukaSimeyoni, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: