Bawambela amathambo kaSawule noJonathani, indodana yakhe, kwaBhenjamini, eZela, ethuneni likaKishi, uyise. Benza konke inkosi eyayibayale ngakho. Emveni kwalokho uNkulunkulu wayizwa imikhuleko ngenxa yezwe.
UNumeri 25:11 - IsiZulu 2020 “UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umphristi ukhalime intukuthelo yami kwabakwa-Israyeli, ngokuba utshengise intshisekelo ngami phakathi kwabo, ukuze ngingabaqothuli ngesikhwele sami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo, ukuze ngingaqothuli abantwana bakwa-Israyeli ngomhawu wami. Contemporary Zulu Bible 2024 UPinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni umpristi, wayinqanda intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, eshisekela phakathi kwabo ngenxa yami, ukuze ngingabaqedi abantwana bakwa-Israyeli ngokushisekela kwami. |
Bawambela amathambo kaSawule noJonathani, indodana yakhe, kwaBhenjamini, eZela, ethuneni likaKishi, uyise. Benza konke inkosi eyayibayale ngakho. Emveni kwalokho uNkulunkulu wayizwa imikhuleko ngenxa yezwe.
UJuda wenza okubi phambi kukaSimakade, wamenza waba nesikhwele ngaphezu kwakho konke okwakwenziwe ngokhokho babo, ngezono ababezenzile.
Wayesethe uzobabhubhisa, ukuba uMose okhethiweyo wakhe, akemanga phambi kwakhe wabakhulumela, ukuze adambise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.
lokho kwase kubalelwa kuye kuba ngukulunga ezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade.
Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,
“Uma umuntu eklabisa ensimini noma esivinini, ayekele izinkomo zakhe zidle ensimini yomunye, kufanele akhokhe lokho okudliweyo; akhiphe okwekhethelo esivinini noma ensimini yakhe kube yinkokhelo.
Ngokuba aniyukukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uSimakade, ogama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu.
Ngiyakukwehlulela ngesehlulelo seziphingikazi nesabachithi begazi, ngehlisele phezu kwakho igazi lolaka nomhawu.
USimakade unguNkulunkulu onomhawu, nophindiselayo; uSimakade uyaphindisela, uthukuthele uyabila, ngolaka lwakhe uyaphindisela kwabamelene naye, Uzithukuthelela njalo izitha zakhe.
Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”
“Ngakho-ke ngilindeni,” kusho uSimakade, “kuze kube lusuku engisukuma ngalo ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukuqoqa izizwe, ngihlanganise ndawonye imibuso, ukuba ngithululele kuzo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wami.”
Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade, kodwa ongakholwa yiyo, akayukukubona ukuphila, kepha intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”
Ngokuba nginomona ngani, umona kaNkulunkulu, lokhu nganendisela endodeni eyodwa ukuze nginiyise kuKhristu niyintombi emsulwa.
uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.
Bangenze nganesikhwele ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisa ngokuyize kwabo; ngiyobenza babe nesikhwele ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.
Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.
Abakwa-Israyeli bathumela uFinehasi, indodana ka-Eleyazare umphristi, kwabozalo lukaRubeni, olukaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase kwaGileyadi.
UJoshuwa wathi kubantu: “Aninakumkhonza uSimakade, ngokuba unguNkulunkulu ongcwele. UnguNkulunkulu onomhawu, akayukuxolela iziphambeko zenu noma izono zenu.