Sengathi abantu bangakukhonza. Izizwe ngezizwe zikukhothamele. Busa phezu kwabafowenu, izizukulwane zikanyoko zikukhothamele. Mabaqalekiswe bonke abakuqalekisayo, babusiswe bonke abakubusisayo.”
UNumeri 24:18 - IsiZulu 2020 U-Edomi uyakuba yisabelo sakhe neSeyire izitha zakhe zibe yifa lakhe. U-Israyeli uyakudlondlobala ngamandla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Edomi uyakuba yifa; uSeyiri uyakuba yifa naye, owayengowezitha zakhe, u-Israyeli esenza okubuqhawe. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Edomi uyakuba yifa, iSeyiri libe yifa lezitha zakhe; futhi u-Israyeli uyokwenza ngesibindi. |
Sengathi abantu bangakukhonza. Izizwe ngezizwe zikukhothamele. Busa phezu kwabafowenu, izizukulwane zikanyoko zikukhothamele. Mabaqalekiswe bonke abakuqalekisayo, babusiswe bonke abakubusisayo.”
Uyophila ngenkemba yakho, ube yisikhonzi somfowenu, kodwa lapho usumvukela uyolephula ijoka lakhe entanyeni yakho.”
UJakobe wathumela izithunywa ukuba zimendulele ziye kumnewabo u-Esawu, owayeseSeyiri, kwa-Edomi,
Wamisa amabutho akhe kulo lonke elakwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.
USimakade wavusa ozomelana noSolomoni, uHadadi wakwa-Edomi; owayengowendlu yenkosi yakwa-Edomi.
Kwathi uDavide ekwa-Edomi, uJowabe induna yempi, wenyuka wayongcwaba ababebulewe; wayebulele izindimbane zabesilisa bakwa-Edomi.
Nkulunkulu usilahlile, usibhubhisile, ngoba usithukuthelele; ake usivuselele futhi.
Uma inkemba yami isidle yaneliswa ezulwini, iyokwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu engibamisele ukubabhubhisa ngesehlulelo.
Ngubani lona ovela kwa-Edomi, enezingubo ezibomvu zaseBhozira; lona ohlobe ngezembatho zakwanokusho, ohamba ngamandla amakhulu na? “Yimina engikhuluma ngokulunga, nenginamandla okusindisa.”
“Ngalolo lusuku ngiyakuvusa idokodo eliwile likaDavide, ngivale imifantu yalo, ngivuselele kabusha okuwileyo, ngilakhe kabusha njengasezinsukwini zasemandulo,
ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi, nakho konke okwezizwe ezazibizwa ngeGama lami,” kusho uSimakade ozakukwenza lokhu.
U-Edomi wathi kuye: “Aniyukudabula lapha, funa ngiphume ngikusukele ngenkemba.”