Kepha lowo muntu kaNkulunkulu wathi enkosini: “Noma unganginika ingxenye yendlu yakho, angisoze ngaya lapho nawe, futhi angiyukudla sinkwa noma ngiphuze amanzi kule ndawo.
UNumeri 24:13 - IsiZulu 2020 ‘Noma ngabe uBhalaki ubenganginika isigodlo sakhe sigcwele phama isiliva negolide, anginakuleqa izwi likaSimakade ngenze noma yini, okuhle noma okubi, ngizosho kuphela lokho uSimakade azongitshela ukuthi ngikusho na?’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE ‘Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma,’ na? Contemporary Zulu Bible 2024 Uma uBalaki ebethanda ukunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakweqa umyalo kaJehova ukuba ngenze okuhle noma okubi engqondweni yami; kepha lokho uJehova akushoyo, ngiyakukhuluma khona na? |
Kepha lowo muntu kaNkulunkulu wathi enkosini: “Noma unganginika ingxenye yendlu yakho, angisoze ngaya lapho nawe, futhi angiyukudla sinkwa noma ngiphuze amanzi kule ndawo.
Kepha uMikhaya wathi: “Ngiyafunga phambi kuSimakade, lokhu uSimakade akushoyo kimi, yikhona engizokukhuluma.”
UMose wathi: “Ngalokhu niyokwazi ukuthi uSimakade ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, angiyenzanga ngokwentando yami.
UBhileyamu waziphendula izinceku zikaBhalaki, wathi: “Noma ngabe uBhalaki ubenganginika isigodlo sakhe sigcwele phama isiliva negolide, ngingeleqe izwi likaSimakade, uNkulunkulu wami, ngenze into noma ngabe inkulu noma incane kangakanani.
Ngalobo busuku uNkulunkulu wafika kuBhileyamu, wathi: “Uma lawa madoda efikele ukuzokubiza, vuka uhambe nawo, kodwa uyokwenza kuphela lokho engizokutshela khona.”
UBhileyamu wathi kuwo: “Lalani lapha ngalobu busuku banamuhla, ngizoninika izwi njengalokho azakukusho kimi uSimakade.” Alala lapho amalunga akwaMowabi.