Kepha lowo muntu kaNkulunkulu wathi enkosini: “Noma unganginika ingxenye yendlu yakho, angisoze ngaya lapho nawe, futhi angiyukudla sinkwa noma ngiphuze amanzi kule ndawo.
UNumeri 22:18 - IsiZulu 2020 UBhileyamu waziphendula izinceku zikaBhalaki, wathi: “Noma ngabe uBhalaki ubenganginika isigodlo sakhe sigcwele phama isiliva negolide, ngingeleqe izwi likaSimakade, uNkulunkulu wami, ngenze into noma ngabe inkulu noma incane kangakanani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBileyamu waphendula wathi kuzo izinceku zikaBalaki: “Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova uNkulunkulu wami ukwenza okuncane nokukhulu. Contemporary Zulu Bible 2024 UBileyamu waphendula, wathi ezincekwini zikaBalaki: “Uma uBalaki efuna ukunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakweqa izwi likaJehova uNkulunkulu wami ngenze okuncane noma okukhulu. |
Kepha lowo muntu kaNkulunkulu wathi enkosini: “Noma unganginika ingxenye yendlu yakho, angisoze ngaya lapho nawe, futhi angiyukudla sinkwa noma ngiphuze amanzi kule ndawo.
Kepha uMikhaya wathi: “Ngiyafunga phambi kuSimakade, lokhu uSimakade akushoyo kimi, yikhona engizokukhuluma.”
Kepha uMikhaya wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, akushoyo uNkulunkulu wami yikhona engizakukukhuluma.”
Wayesephendula uDaniyeli phambi kwenkosi, wathi: “Zigcinele zona izipho zakho, imivuzo yakho uyiphe omunye, nokho ngiyakuyifundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo.
Kodwa nani ake nilale ubusuku banamuhla, yikhona ngizokuzwa ukuthi yini enye azongitshela yona uSimakade.”
UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Bheka, sengifikile kuwe manje, nokho anginamandla okusho utho kuwe. Ngiyokhuluma kuphela izwi uNkulunkulu alibeka emlonyeni wami.”
UBhileyamu wathi kuwo: “Lalani lapha ngalobu busuku banamuhla, ngizoninika izwi njengalokho azakukusho kimi uSimakade.” Alala lapho amalunga akwaMowabi.
UBhileyamu waphendula, wathi kuBhalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke akushoyo uSimakade ngizokwenza na?”
UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Angizitshelanga yini izithunywa zakho owawuzithume kimi, ngathi:
‘Noma ngabe uBhalaki ubenganginika isigodlo sakhe sigcwele phama isiliva negolide, anginakuleqa izwi likaSimakade ngenze noma yini, okuhle noma okubi, ngizosho kuphela lokho uSimakade azongitshela ukuthi ngikusho na?’
Kepha uPhethro wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba ucabanga ukuthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.
Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza.
kodwa angimlalelanga uBhileyamu; ngakho-ke wanibusisa, nganikhulula esandleni sakhe.