Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 21:4 - IsiZulu 2020

Basuka entabeni iHori ngendlela yoLwandle Lomhlanga ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yadikibala ngenxa yendlela.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle Olubomvu ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Basuka eNtabeni yaseHori ngendlela eya eLwandle Olubomvu ukuze bazungeze izwe lakwa-Edomi; umphefumulo wabantu waphela amandla ngenxa yendlela.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 21:4
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi futhi: “Siyakwenyuka ngayiphi indlela?” Yathi: “Ngendlela yasehlane kwa-Edomi.”


UMose wakhuluma kanjalo kubantu bakwa-Israyeli, kodwa abazange bamlalele, ngenxa yezinhliziyo ezincane nokusebenza kanzima.


Manje, ngenxa yokuba ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini, jikani kusasa, nilibangise ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga.”


UMose wenza njengalokhu uSimakade emyalile; bakhuphukela entabeni iHori, inhlangano yonke ibabuka.


Nibathenelani amandla abakwa-Israyeli baze bangafuni ukuwela baye ezweni uSimakade abanike lona na?


Ekukhuphukeni kwabo beya esigodini i-Eshikholi balibona izwe, babathena amandla abakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uSimakade abanike lona.


Basuka entabeni iHori, bakanisa eZalimona.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


Nina-ke jikani, niye ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga.’


“Sabe sesiphenduka, sahamba, salibhekisa ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga, njengalokhu ayeshilo kimi uSimakade. Intaba iSeyiri sayizungeza izinsuku eziningi.


“Base behamba ehlane, bazungeza izwe lakwa-Edomi nelakwaMowabi, baze bafinyelela empumalanga yezwe lakwaMowabi, bakanisa ngakolunye uhlangothi e-Arinoni. Kabangenanga endaweni yabakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni yayingumngcele kwaMowabi.