IHeshibhoni ne-Elehale kuyakhala; izwi labo lizwakala naseJahazi; amabutho akwaMowabi ayamemeza, umphefumulo wawo uyathuthumela.
UNumeri 21:23 - IsiZulu 2020 USihoni akamvumelanga u-Israyeli ukuba adabule ezweni lakhe. USihoni waqoqa bonke abantu esifundeni sakhe, waphuma wayohlasela u-Israyeli ehlane. Wafika eJahazi, walwa no-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USihoni wayengamvumeli u-Israyeli ukudabula izwe lakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma eyomhlasela u-Israyeli ehlane, wafika eJahasi, walwa no-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 USihoni akamvumelanga u-Israyeli ukuba adabule emkhawulweni wakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma ukulwa no-Israyeli ehlane; wafika eJahazi walwa no-Israyeli. |
IHeshibhoni ne-Elehale kuyakhala; izwi labo lizwakala naseJahazi; amabutho akwaMowabi ayamemeza, umphefumulo wawo uyathuthumela.
“EHeshibhoni, e-Elehale naseJahazi kukhalwa kalusizi; bayezwakalisa izwi labo, kusukela eZowari kuya eHoronayimi, kuya e-Egilathi Shelishiya; ngokuba namanzi aseNimrimi aseshile.
“Kodwa Mina ngawabhubhisa ama-Amori phambi kwabo, ayemade njengemisedari, eqine njengemi-okhi, ngaqeda nya ngesithelo sawo kusukela phezulu nangezimpande zawo phansi.
U-Edomi wathi kuye: “Aniyukudabula lapha, funa ngiphume ngikusukele ngenkemba.”
Wala kanjalo-ke u-Edomi ukuba u-Israyeli adabule ezweni lakhe; u-Israyeli wabe esechezuka.
phesheya kweJordani esigodini maqondana neBhethi Pheyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, owanqotshwa nguMose nabantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe.
Kodwa uSihoni akazange abethembe abakwa-Israyeli ukuba bangadabula endaweni yakhe, ngakho-ke uSihoni waqoqa bonke abantu bakhe, wakanisa eJahazi, walwa no-Israyeli.