Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 21:2 - IsiZulu 2020

U-Israyeli wenza isifungo kuSimakade, wathi: “Uma ubanikela nokubanikela laba bantu esandleni sami, ngiyakuyichitha impela imizi yabo.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

U-Israyeli wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma unikela nokunikela laba bantu esandleni sami, ngiyakuchitha impela imizi yabo.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

U-Israyeli wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma ngempela unikela laba bantu esandleni sami, ngiyakushaya imizi yabo ngesiqalekiso.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 21:2
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wenza isifungo, wathi: “Uma uNkulunkulu ezoba nami, angivikele kulolu hambo lwami, angiphe ukudla nokokwembatha,


Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe,


Wafunga kuSimakade, wenza isithembiso kuye onguMninimandla kaJokobe, wathi:


Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi yethu!


uyozibulala ngenkemba izakhamuzi zalowo muzi, uwuchithe impela, nakho konke okuphakathi kwawo, nemfuyo yawo, ukubhubhise ngenkemba.


Yonke impango yawo uyoyiqoqela phakathi nesigcawu sawo, uwushise ngomlilo, nayo yonke impango yawo, kube ngumnikelo wokushiswa kuSimakade uNkulunkulu wakho, umuzi ube yincithakalo yaphakade, ungabe usavuselelwa.


“Kepha ngemizi yalezo zizwe, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona njengefa lakho, awuyukusindisa lutho oluphefumulayo kuyo.


nalapho uSimakade uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho ukuba uzinqobe, uyozibhubhisa uziqede nya, awuyukwenza isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo.


Umuzi nakho konke okukuwo kuyakunikelwa kuSimakade, ubhujiswe, nguRahabi isifebe kuphela nabo bonke abanaye endlini yakhe abayosinda, ngokuba wathukusa izinhloli zethu esasizithumele.


Ngaleso sikhathi uJoshuwa wenza lesi sifungo wathi: “Makaqalekiswe phambi kukaSimakade lowo oyozama ukwakha lo muzi iJerikho. Obeka isisekelo salo uyakulahlekelwa yizibulo lakhe, ovuselela amasango alo uyakulahlekelwa yindodana yokugcina.”


UJeftha wenza isifungo kuSimakade, wathi: “Uma uyakunikela abakwa-Amoni esandleni sami,


Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”