Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 21:18 - IsiZulu 2020

Ngumthombo owambiwa ngamakhosana, wambiwa ngabaholi ngezintonga zazo zobukhosi nangezindondolo zabo.” Basuka ehlane, baya eMathana.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

umthombo ezawumba izikhulu, abawugubha abakhulu babantu ngentonga yobukhosi nangezindondolo zabo.” Basuka ehlane, baya eMathana.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Izikhulu zawugebha umthombo, izikhulu zabantu zawugebha ngezinduku zawo ngomyalo womthetho. Basuka ehlane baya eMathana.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 21:18
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwasuka u-Eliyashibhi, umphristi omkhulu nabanye abaphristi, bakha kabusha iSango Lezimvu, balinikela, bamisa namasango ezindaweni zawo. Banikela ugange kusukela eMbhoshongweni Wekhulu kuze kube seMbhoshongweni KaHananeli.


Ingxenye elandelayo yakhiwa ngamadoda aseThekhowa, kodwa abaholi bakulowo muzi benqaba ukwenza umsebenzi ababewunikwe ngabaphathi babo.


Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.


U-Israyeli wayesehlabelela leli culo elithi: “Mpompoza, mthombo! Hlabelelani ngawo!


Basuka eMathana, baya eNahaliyeli; basuka eNahaliyeli, baya eBhamothi.


Umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kweza ngoJesu Khristu.


UMose wasinika umthetho, waba yifa lenhlangano kaJakobe.


“ ‘Kepha wena, yima lapha nami ukuze ngiyikhulume kuwe yonke imiyalo, izimiso, nezehlulelo oyakubafundisa khona konke ukuba bakwenze ezweni engibanika lona, ukuba balidle.’


Munye oshaya umthetho nongumehluleli, nguYena onamandla okusindisa nokubhubhisa. Pho-ke ungubani wena owehlulela umakhelwane wakho na?