UNumeri 2:34 - IsiZulu 2020 Abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose: bakanisa ngasemabhaneleni abo, basuka ngokwemindeni yabo, yilowo nalowo ngokwendlu yokhokho bakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli: njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, kanjalo bamisa ngasemabhaneleni* abo, kanjalo basuka, kwaba yilowo nalowo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose; |
Abantu bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
Abantu bakwa-Israyeli bayakumisa amathende abo, kube yilowo nalowo enkanjini yabo, yilowo nalowo ngasebhaneleni labo, ngamaviyo abo.
Abantu bakwa-Israyeli baqala uhambo lwabo besuka ehlane iSinayi, ifu laze lema ehlane iPharanu.
Leyo yiyona ndlela abantu bakwa-Israyeli ababehamba ngayo ngesikhathi besuka ngokwamaqembu abo.
“Makube yilowo nalowo kubantu bakwa-Israyeli akanise ngasebhaneleni lakhe ngasezimpawini zezindlu zokhokho bakhe; bayakukanisa nxazonke babhekane nethende lokuhlangana.”
AbaLevi ababalwanga phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
Akayibonanga inhlekelele engehlela uJakobe, akabonanga nankathazo kwa-Israyeli. USimakade uNkulunkulu wabo unabo, inhlokomo yenkosi yabo iphakathi kwabo.
UBhileyamu waphakamisa amehlo akhe wabona ukuthi u-Israyeli ukanise ngokwezizwe zakhe, uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe.
Laba ngabozalo luka-Aroni no-Mose ngosuku uSimakade akhuluma ngalo noMose entabeni iSinayi.
Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.