Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.
UNumeri 2:3 - IsiZulu 2020 Abakanisa ngasempumalanga ngalapho kuphuma khona ilanga kuyakuba ngabebhanela lenkambu yakwaJuda ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaJuda kunguNaheshoni indodana ka-Aminadaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abamisa ngasempumalanga ngasekuphumeni kwelanga bayakuba ngabebhanela* lekamu* lakwaJuda ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaJuda sibe nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngasohlangothini lwasempumalanga, ngasekuphumeni kwelanga, bayakumisa ibhanela lekamu lakwaJuda ngamabandla abo; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba uyakuba ngumbusi phezu kwabantwana bakwaJuda. |
Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.
Amadodana kaLeya kwakunguRubeni, izibulo likaJakobe, kulandele uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare noZabuloni.
Noma uJuda wayenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa.
U-Aroni wathatha u-Elisheba indodakazi ka-Aminadaba, udadewabo kaNaheshoni, waba ngumkakhe, wamzalela uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare, no-Ithamari.
Ababekanise ngaphambi kwethabanakeli ngasempumalanga, phambi kwethende lokuhlangana lapho kuphuma khona ilanga, kwakunguMose, u-Aroni namadodana akhe. Umsebenzi wabo kwakungukwenza izinkonzo endaweni engcwele, bagcine umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli; umfokazi oyosondela kubo uyobulawa.
Ngosuku lokuqala uNaheshoni, indodana ka-Aminadaba wesizwana sakwaJuda, waletha umnikelo wakhe.
Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa nguNaheshoni, indodana ka-Aminadaba.
u-Aramu wazala u-Aminadaba, u-Aminadaba wazala uNasoni, uNasoni wazala uSalimoni;