UNumeri 2:1 - IsiZulu 2020 USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: |
Ithende lokuhlangana nenkambu yabaLevi kuyakusuka kube phakathi kwezinye izinkambu. Bayakusuka njengalokho bebekanisile, yilelo nalelo qembu endaweni yalo, ngokwamaviyo alo.
“Makube yilowo nalowo kubantu bakwa-Israyeli akanise ngasebhaneleni lakhe ngasezimpawini zezindlu zokhokho bakhe; bayakukanisa nxazonke babhekane nethende lokuhlangana.”
Izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise nabaholi bezizwe ababebekwe phezu kwababalwayo, zenza umnikelo.