Iwundlu malingabi nasici, libe nonyaka, libe yiduna, ungalithatha ezimvini noma ezimbuzini.
UNumeri 19:2 - IsiZulu 2020 “Lokhu kuyisimiso somthetho uSimakade ayale ngaso ukuba usitshele abantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Mabalethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, esingasoleki, esingakaze siboshelwe ejokeni, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayalile ngaso ukuthi: ‘Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, singenansolo, okungazange kubekwe ijoka phezu kwaso, Contemporary Zulu Bible 2024 Lokhu kungukuqiniswa komthetho uJehova ayala ngawo ngokuthi: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi banilethele inkomo ebomvu engenasici, engenasici, engabekwanga joka. |
Iwundlu malingabi nasici, libe nonyaka, libe yiduna, ungalithatha ezimvini noma ezimbuzini.
“Wozani-ke sidingide lolu daba,” kusho uSimakade. “Noma izono zenu zibomvu njengegazi, ziyokuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu klebhu, ziyoba mhlophe njengoboya bezimvu.
“Iziphambeko zami ziboshelwe ejokeni ngesandla sakhe, waziphica ndawonye wazibeka entanyeni yami; wanqinda namandla ami. USimakade unginikele ezandleni zalabo engingakwazi ukumelana nabo.
“ ‘Uma umnikelo wakhe ewuthathe emhlanjini wezimvu noma wezimbuzi, ukuba ube ngumnikelo wokushiswa, makanikele ngeduna elingenasici.
“ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade.
Uyothatha inyoni ephilayo, umsedari, indwangu ebomvu nehisopi, akucwilise nenyoni ephilayo egazini lenyoni ehlatshelwe phezu kwamanzi agelezayo.
Umphristi uyothatha umsedari, ihisophi, nendwangu ebomvu, akuphonse phakathi kokushayo kwesithole.
Umphristi, u-Eleyazare, wathi emabuthweni ayekade eye empini: “Nasi isimiso somthetho uSimakade ayale ngaso uMose:
Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke lo ongcwele, ozakuzalwa, uzakubizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu.
Kuyothi umuzi oseduze nobuleweyo, amalunga akulowo muzi athathe ezinkomeni isithole esingakaze siboshelwe, sindonse ijoka.
Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.
Kepha iqondene nokudla, ukuphuza, nokugeza okunhlobonhlobo okuyizimiso zabantu, kuze kulethwe isikhathi senqubo entsha.
kodwa nahlengwa ngegazi likaKhristu elinqabileyo, kungathi elewundlu elingenacala nasici.
nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,
“Manje thathani, nenze inqola entsha nezinkomazi ezimbili ezincelisayo okungakaze kuhlale joka kuzo; zibopheleni izinkomazi enqoleni, nibuyisele emuva amankonyane azo, niwabuyisele ekhaya.