UNumeri 19:18 - IsiZulu 2020 umuntu ohlambulukileyo uyothatha ihisopi, aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo ithende, nezitsha zonke, nabantu abalapho, nalowo othinte ithambo, noma obuleweyo, noma isidumbu, noma ithuna. IBHAYIBHELI ELINGCWELE umuntu ohlambulukileyo athabathe ihisopi,* aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo itende, nezitsha zonke, nabantu ababelapho, nowathinta ithambo, noma ababuleweyo, noma abafileyo, noma ithuna, Contemporary Zulu Bible 2024 Umuntu ohlanzekile kumelwe athathe ihisopi alicwilise emanzini awafafaze phezu kwetende naphezu kwazo zonke izitsha naphezu kwabantu ababelapho, nakulowo othinte umlenze noma oshaywayo noma onawo. Ukufa, noma ithuna: |
kanjalo iyokwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayovala imilomo ngenxa yayo, ngokuba ayobona lokho angazange akutshelwe, nalokho angakaze akuzwe, ayokuqonda.
“ ‘Abangcolileyo bayakuthatha umlotha wokushayo komnikelo wesono, namanzi agobhozayo bakuthele ndawonye esitsheni,
Ohlambulukileyo uyofafaza ongahlambulukile ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, amhlambulule ngosuku lwesikhombisa, bese ehlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa.
“ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, ayowuchitha ngaphandle kwenkambu endaweni ehlambulukileyo, uyakugcinelwa inhlangano yabantu bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuhlambulula; ungumnikelo wesono.
Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,
kakhulu kangakanani igazi likaKhristu, okwathi ngoMoya ophakade wazinikela kuNkulunkulu engenasici, lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.
Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wathatha igazi lamathole, elezimbuzi, amanzi, uboya obubomvu nehisophi, wafafaza incwadi nabantu bonke,