Hambani, hambani, phumani lapho! Ningathinti lutho olungcolileyo, phumani phakathi kwalo, zihlambululeni, nina eniphatha izitsha zikaSimakade.
UNumeri 19:16 - IsiZulu 2020 “ ‘Yilowo nalowo othinta obulewe ngenkemba endle, noma ozifele nje, noma ithambo lomuntu, noma ithuna, uyakuba ngongcolileyo izinsuku eziyisikhombisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “ ‘Yilowo nalowo othinta endle obulewe ngenkemba, noma isidumbu, noma ithambo lomuntu, noma ithuna, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa. Contemporary Zulu Bible 2024 Noma yimuphi othinta endle obulewe ngenkemba, noma ofileyo noma ithambo lomuntu noma ithuna, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa. |
Hambani, hambani, phumani lapho! Ningathinti lutho olungcolileyo, phumani phakathi kwalo, zihlambululeni, nina eniphatha izitsha zikaSimakade.
USimakade wathi kuMose: “Yisho kubaphristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo: ‘Makungabi bikho oyozingcolisa ngokuthinta ofileyo kubantu bakubo,
“ ‘Othinta isidumbu sanoma yimuphi umuntu uyakuba ngongcolileyo izinsuku eziyisikhombisa.
Nazo zonke izitsha ezivulekileyo ezingenaso isisibekelo esiboshwe kuzo zingcolile.
“Bonke phakathi kwenu ababulele umuntu, nabathinte isidumbu, mabahlale ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa. Zihlambululeni nabathunjwa ngosuku lwesithathu nolwesikhombisa.
“Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba babakhiphe enkanjini bonke abanochoko, nabo bonke abamfimfayo, nabangcoliswe wukuthinta abafileyo.
Kwakukhona abantu abathile ababengcoliswe yisidumbu somuntu, ababengakwazi ukugcina iphasika ngalolo lusuku; beza phambi kukaMose no-Aroni ngalolo lusuku.
“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namathuna acakiweyo, abonakala emahle ngaphandle kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!
“Maye, kini, ngokuba nifana namathuna angasabonakali, asebehamba phezu kwawo, bengawaboni!”