Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 18:24 - IsiZulu 2020

Okweshumi, abantu bakwa-Israyeli abanikela ngakho kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, ngikunike abaLevi ukuba kube yifa labo. Yingakho ngithe kubo: ‘Abayukuba nalifa phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba okweshumi kwabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngakho, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, ngikunikile amaLevi kube yifa lawo; ngalokho ngishilo kuwo, ngathi: ‘Phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli aniyikuba nafa.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kepha okweshumi kwabantwana bakwa-Israyeli abakulethayo kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, ngakunika amaLevi njengefa; ngalokho ngathi kubo: “Phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli abayikuba nafa.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 18:24
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abaphristi bozalo luka-Aroni kumele bahambe nabaLevi ngesikhathi beqoqa okweshumi, abaLevi bathathe okweshumi kulokho okweshumi okulethiwe, bakuyise endlini kaNkulunkulu, emagunjini endlu yengcebo.


Bonke abantu bakwaJuda base beqala futhi ukunikela okweshumi kokusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, kwafakwa ezinqolobaneni.


“ ‘Konke okweshumi kwezwe, okwembewu noma okwezithelo zemithi yezwe, kungokukaSimakade; kungcwele kuSimakade.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


“Uyobatshela abaLevi uthi kubo: ‘Uma nithatha okweshumi kwabantu bakwa-Israyeli engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu, anonikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, okweshumi kokweshumi.


Sebebonke abaLevi besilisa kusukela konenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babeyizi-23 000. Bona ababalwanga nabesilisa bakwa-Israyeli, ngoba babengezukuthola sabelo esizoba yifa labo ezweni. Ababelwanga ifa kwabakwa-Israyeli.


Ngalokho uLevi akanasabelo nalifa kanye nabafowabo; uSimakade uyifa lakhe njengokusho kukaSimakade uNkulunkulu wakho kuye.


“Kuyothi lapho usuqedile ukuthatha konke okweshumi kwezithelo zakho, ngonyaka wesithathu, okungunyaka wokweshumi, usumnikile, wadla, wasutha umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala nawe emzini wakho,


Yisizwana sakwaLevi kuphela uMose angasabelanga ifa, ngoba iminikelo yomlilo eya kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli yiyo eyifa labo njengoba asho kubo.