AbaLevi bayokwenza umsebenzi wokukhonza ethendeni lokuhlangana, bathwale ububi bawo. Kuyoba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zabo, naphakathi kwabantu bakwa-Israyeli abayukuba nalifa.
Kepha amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lokuhlangana, athwale ububi bawo; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; naphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli abayikuba nafa.
Kodwa amaLevi kumelwe enze umsebenzi wenkonzo yetende lokuhlangana, futhi kumelwe athwale ububi bawo; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu, ukuze zingabi nafa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Ethendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kwesivumelwano, u-Aroni namadodana akhe bayakuzinakekela phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Lokho kuyakuba yisimiso saphakade esiyakuhlonishwa ngabantu bakwa-Israyeli, izizukulwane ngezizukulwane.
“ ‘ “Kepha abaLevi baqhelela kude nami ngesikhathi u-Israyeli eduka, ephambuka, elandela izithombe zabo, nabo bayakubuthwala ububi babo.
USimakade wathi ku-Aroni: “Wena namadodana akho nabendlu kayihlo niyothwala ububi bendawo engcwele. Wena namadodana akho niyothwala ububi bobuphristi benu.
USimakade wathi ku-Aroni: “Awuyukuba nafa ezweni lakubo, futhi awuyukuba nasabelo phakathi kwabo; Mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.
Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kubo; lowo oyofafaza amanzi okuhlambulula, uyakuhlanza izingubo zakhe, nalowo othinta amanzi okuhlambulula uyakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe.
Sebebonke abaLevi besilisa kusukela konenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babeyizi-23 000. Bona ababalwanga nabesilisa bakwa-Israyeli, ngoba babengezukuthola sabelo esizoba yifa labo ezweni. Ababelwanga ifa kwabakwa-Israyeli.
Siyokwenza imisebenzi yakhe neyenhlangano yonke phambi kwethende lokuhlangana, siyokwenza nemisebenzi yethabanakeli.
“ ‘Lokho kuyoba yisimiso sokwehlulela kini, nasezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindlu zenu.
Ngalokho uLevi akanasabelo nalifa kanye nabafowabo; uSimakade uyifa lakhe njengokusho kukaSimakade uNkulunkulu wakho kuye.
Yisizwana sakwaLevi kuphela uMose angasabelanga ifa, ngoba iminikelo yomlilo eya kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli yiyo eyifa labo njengoba asho kubo.