Inyama yalo iyoba ngeyakho: isifuba sokuzungeziswa nomlenze wangakwesokunene kuyoba ngokwakho.
Inyama yazo iyakuba ngeyakho; njengesifuba sokuzuliswa nomlenze wokunene iyakuba ngeyakho.
Inyama yawo iyakuba ngeyakho, njengesifuba sokunyakaziswa nanjengehlombe lakho lokunene.
Siyoletha futhi kumphristi emagunjini endlu kaNkulunkulu wethu, inhlama eyenziwe ngokusanhlamvu kwesivuno sokuqala, nezithelo zayo yonke imithi, iwayini elisha namafutha amasha. Siyoletha futhi kubaLevi okweshumi komhlabathi wethu, ngokuba ngabaLevi abaqoqa okweshumi emizini yonke.
Umpheki waphakamisa umlenze nokwakuphezu kwawo, wawubeka phambi kukaSawule. USamuweli wathi: “Nakhu ohlinzekwe ngakho. Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kugcinelwe wena kuze kufike lesi sikhathi, njengalokhu ngithe ngimeme abantu.” USawule wayesedla noSamuweli ngalolo lusuku.