Yilokhu okuyakunikelwa yinoma yimuphi oyobhalisela ukubalwa: ingxenye yeshekeli ngokwesilinganiso seshekeli lendawo engcwele, ishekeli lingamagera angama-20, ingxenye yeshekeli iyokuba ngumnikelo kuSimakade.
UNumeri 18:16 - IsiZulu 2020 Intengo yokuhlengwayo, kusukela kokunenyanga ngokulinganisa kwakho, iyoba ngamashekeli ayisihlanu esiliva ngokweshekeli lendawo engcwele elingamagera angama-20. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Okuhlengwayo kuyakuhlengwa kusukela kokunenyanga ngokulinganisa kwakho ngemali yamashekeli* ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele elingamagera* angamashumi amabili. Contemporary Zulu Bible 2024 Abahlengwayo kusukela kwabanenyanga uyakuyihlenga ngokulinganisa kwakho imali yamashekeli ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele, amagera angamashumi amabili. |
Yilokhu okuyakunikelwa yinoma yimuphi oyobhalisela ukubalwa: ingxenye yeshekeli ngokwesilinganiso seshekeli lendawo engcwele, ishekeli lingamagera angama-20, ingxenye yeshekeli iyokuba ngumnikelo kuSimakade.
Lonke igolide elasetshenziselwa lowo msebenzi, kuwo wonke umsebenzi wendawo engcwele, igolide lomnikelo lalingamatalenta angama-29, namashekeli angama-730 ngokweshekeli lendlu engcwele.
Ishekeli liyakuba ngamagera angama-20; amashekeli angama-20, angama-25, nali-15 ayakuba ngumina kinina.
Konke ukulinganisa kuyakuba ngokweshekeli lendawo engcwele; amagera angama-20 ayakuba yishekeli.
Amazibulo wonke ezintweni eziphilayo, abayonikela ngawo kuSimakade: kungaba ngawabantu noma ngawezilwane, kuyoba ngokwakho. Nokho izibulo lomuntu uyolihlenga, nezibulo lesilwane esingcolileyo.
“Kepha izibulo lenkomo, noma lemvu, noma lembuzi, awuyukulihlenga; lingcwele. Uyofafaza ngegazi lalo e-althare, ushise amanoni alo abe ngumnikelo womlilo oliphunga elimnandi kuSimakade.
Ukuze uhlenge abangama-273 bamazibulo abantu bakwa-Israyeli abangaphezu kwabaLevi,
uyakuthatha amashekeli ayisihlanu ngenhloko ngayinye, lawo ngokweshekeli lendawo engcwele. Uyothatha ishekeli elingamagera angama-20;