UDavide wamakhela lapho uSimakade i-althare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. USimakade wakuzwa ukunxusa kwakhe, enxusela izwe, ubhubhane lwanqamuka kwa-Israyeli.
UNumeri 16:48 - IsiZulu 2020 Wama phakathi kwabafileyo nabaphilayo; lwanqamuka ubhubhane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wema phakathi kwabafileyo nabaphilayo; isifo sanqamuka. Contemporary Zulu Bible 2024 Wema phakathi kwabafileyo nabaphilayo; sanqamuka isifo. |
UDavide wamakhela lapho uSimakade i-althare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. USimakade wakuzwa ukunxusa kwakhe, enxusela izwe, ubhubhane lwanqamuka kwa-Israyeli.
Bathatha yilowo nalowo isitsha sakhe sempepho bafaka kuzo amalahle base befaka nempepho. UMose no-Aroni bama ngasemnyango wethende lokuhlangana.
Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho.
U-Aroni wasithatha njengalokhu ekhulumile uMose, wagijima waya phakathi kwebandla. Uyabona-ke, lwaseluqalile ubhubhane phakathi kwabantu; wafaka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana.
Ababebulewe ubhubhane babeyizi-14 700, ngaphandle kwalabo abafa ngenxa kaKhora.
Emva kwalokho uJesu wamfica lowo muntu ethempelini, wathi kuye: “Usuphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokhu.”
nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, enguJesu, osihlengayo olakeni oluzayo.
Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.