Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 16:35 - IsiZulu 2020

Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 16:35
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Iviyo labo lathungelwa ngomlilo, ilangabi labashisa labaqeda ababi.


UNkulunkulu wethu uyeza, akayukuthula, phambi kwakhe kunomlilo oqothulayo, uphahlwe yisivunguvungu esinamandla.


Lapho kwakumi abantu abangama-70, abangamalunga endlu yakwa-Israyeli; phakathi kwabo kunoJahazaniya, indodana kaShafani. Yilowo nalowo muntu wayephethe ngesandla isitsha sakhe sempepho, nephunga lefu lempepho lenyukela phezulu.


Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, wabashisa, bafa phambi kukaSimakade.


Lawo madoda ayelethe umbiko omubi ngezwe, aqedwa ubhubhane phambi kukaSimakade.


Makube yilowo nalowo athathe isitsha sakhe sempepho, afake kuso impepho asilethe kuSimakade; izitsha zempepho ezingama-250, nawe kanjalo no-Aroni, izitsha zenu zempepho.”


bamvukela uMose benamadoda akwa-Israyeli angama-250, angabaholi benhlangano, angamanxusa ebandla, amadoda adumileyo.


Bonke abakwa-Israyeli ababelapho, bezwa ukukhala kwabo, bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi!”


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Ababebulewe ubhubhane babeyizi-14 700, ngaphandle kwalabo abafa ngenxa kaKhora.


Umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya noKhora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo wasobozela khona amadoda angama-250, aba yisixwayiso.


UNadabi no-Abhihu bafa phambi kukaSimakade, ngesikhathi benikela kuSimakade ngomlilo ongafanele ehlane iSinayi; babengenamadodana. U-Eleyazare no-Ithamari bakhonza bengabaphristi phambi kukayise u-Aroni.


Uma kukhona ofuna ukubenzakalisa laba, kuphuma umlilo emilonyeni yabo, ubhubhise izitha zabo. Yebo, uma kukhona ofuna ukubalimaza, kufanele ukuba abulawe kanjalo.