Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi, amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.
UNumeri 16:33 - IsiZulu 2020 Baya kwalasha bezwa, nakho konke okungokwabo. Umhlaba wabagubuzela; bafa kanjalo phambi kwebandla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bona bashona besezwa nakho konke okwabo endaweni yabafileyo; umhlaba wabagqiba, baqothulwa ebandleni. Contemporary Zulu Bible 2024 Bona kanye nakho konke okwabo behlela egodini bephila, umhlaba wabavala, futhi babhubha phakathi kwebandla. |
Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi, amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.
Simakade, shesha ungiphendule, umphefumulo wami udangele, ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.
Ukufa makubazume, behlele endaweni yabafileyo besaphila, ngokuba ububi busezindlini zabo, phakathi kwabo.
Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.
Abezizwe baphonseke phansi emgodini abawumbileyo, unyawo lwabo lwabhajwa enethini abangifihlele lona.
Indawo yabafileyo phansi inyakazisiwe ukuba ikuhlangabeze uma ufika kuyo, ikuvusele izithunzi zazo zonke izikhulu zomhlaba, isukumise wonke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi.
Ngokuba indawo yabafileyo ayinakukubonga, nokufa akunakukudumisa; abehlela egodini abanakuthembela ekulungeni kwakho.
ukuba kungabi bikho muthi ongasemanzini, oyakuba mude ngokuphakama kwawo, ungasifinyelelisi isihloko sawo emafini, futhi kungabi bikho mithi eyophuza amanzi, ikhule ibe mide ngangawo, ngokuba yonke inikelwe ekufeni phansi komhlaba, ebantwaneni babantu, labo abehlela egodini.” ’
“Ndodana yomuntu, lilela isixuku saseGibhithe, usehlisele phansi komhlaba, namadodakazi ezizwe ezinamandla, nalabo abehlela egodini.
“Lapho kukhona zonke izikhulu zasenyakatho, nabo bonke abaseSidoni, abehlele phansi nababuleweyo. Babesatshwa ngenxa yobuqhawe babo, kepha sebehlazekile, balale bengasokile nababulawe ngenkemba, bathwele ihlazo labo nalabo abehlele egodini.
Umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo; nabo bonke abantu bakaKhora nempahla yabo yonke.
Bonke abakwa-Israyeli ababelapho, bezwa ukukhala kwabo, bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi!”
Imbongolo ingibonile yachezuka phambi kwami kwaze kwaba kathathu. Ukuba ayizange ichezuke, ngabe sengikubulele, ngayisindisa yona.”
Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.
Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.