Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 16:32 - IsiZulu 2020

Umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo; nabo bonke abantu bakaKhora nempahla yabo yonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo, nabantu bonke bakaKora, nempahla yabo yonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Umhlaba wawuvula umlomo wawo, wabagwinya, bona nezindlu zabo, nabo bonke abantu bakaKora, nayo yonke impahla yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 16:32
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Usuqalekisiwe emhlabathini lona ovule umlomo wawo wemukela igazi lomnawakho olichithele kuwo ngesandla sakho.


Amadodana kaKhohathi: kwakungu-Aminadaba, uKhora, u-Asiri,


kaThathi, ka-Asiri, ka-Ebhiyasafa, kaKhora,


Umhlaba wavuleka, wamgwinya uDathani, wagqiba iviyo lika-Abhiramu.


Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi, amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.


Wo, zithandeka kangaka izindlu zakho, Simakade Wamabandla!


Simakade, ulibusisile izwe lakho, wamenzela inhlalakahle futhi uJakobe.


Simakade, Nkulunkulu wensindiso yami, ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.


Umhlaba uyophihlizwa, ube yimvithi, uqhekezeke, umhlaba uyakuzanyazanyiswa kanzima.


Ngalokho indawo yabafileyo inwebe umphimbo wayo, yakhamisa umlomo ngokungenamkhawulo; abahloniphekileyo, nesixuku esixokozelayo, nabajabulayo phakathi kwabo, behlela kuyo.


Makube yilowo nalowo athathe isitsha sakhe sempepho, afake kuso impepho asilethe kuSimakade; izitsha zempepho ezingama-250, nawe kanjalo no-Aroni, izitsha zenu zempepho.”


Kodwa uma uSimakade enza into entsha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye nakho konke okwabo, baye kwalasha bephila, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamedelelile uSimakade.”


Wathi eqeda nje ukukhuluma wonke lawa mazwi, umhlaba waqhekezeka ngaphansi kwabo.


Baya kwalasha bezwa, nakho konke okungokwabo. Umhlaba wabagubuzela; bafa kanjalo phambi kwebandla.


Ababebulewe ubhubhane babeyizi-14 700, ngaphandle kwalabo abafa ngenxa kaKhora.


Umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya noKhora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo wasobozela khona amadoda angama-250, aba yisixwayiso.


Kodwa amadodana kaKhora awafanga.


“Ubaba wafela ehlane, wayengekho phakathi kweviyo labavukela uSimakade, iviyo likaKhora. Kepha wafela esakhe isono engenandodana.


“Niqikelele ukuba isizwana semindeni kaKhohathi singapheli phakathi kwabaLevi,


nalokho akwenza kuDathani naku-Abhiramu, amadodana ka-Eliyabe kaRubeni, lapho umhlaba uvula umlomo wawo ubagwinya nabendlu yabo, amathende abo, nayo yonke imfuyo yabo eyayiphakathi kwabo bonke abakwa-Israyeli.


Umhlaba wamsiza owesifazane, wavula umlomo wawo, wawugwinya umfula owawukhwifwa wudrago ngomlomo wakhe.