Anele abakhipha nje, enye yamadoda yathi kuye: “Yithi galo yephuka uphephise impilo yakho. Ungajeqezi emuva futhi ungami ngisho ethafeni. Phikelela ezintabeni, ngokuba ungase uficwe ngamathonsi abanzi.”
UNumeri 16:26 - IsiZulu 2020 Wakhuluma nenhlangano, wathi: “Ngiyaninxusa; dedani emathendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olungolwabo, funa nibhujiswe ngezono zabo zonke.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesekhuluma kuyo inhlangano, wathi: “Ake nisuke ematendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olwabo, funa niqedwe ngezono zabo zonke.” Contemporary Zulu Bible 2024 Wakhuluma ebandleni, wathi: “Sukani ematendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho lwabo, funa nibhubhe ezonweni zabo zonke.” |
Anele abakhipha nje, enye yamadoda yathi kuye: “Yithi galo yephuka uphephise impilo yakho. Ungajeqezi emuva futhi ungami ngisho ethafeni. Phikelela ezintabeni, ngokuba ungase uficwe ngamathonsi abanzi.”
Hambani, hambani, phumani lapho! Ningathinti lutho olungcolileyo, phumani phakathi kwalo, zihlambululeni, nina eniphatha izitsha zikaSimakade.
“Balekani eBhabhele, kube yilowo nalowo asindise impilo yakhe, ningabhujiswa ngenxa yokona kwalo, ngokuba yisikhathi sempindiselo kaSimakade, uyakuphindisela kulo.
Yilowo nalowo ongayukunamukela ezwe amazwi enu, anothi niphuma nje kulelo khaya noma kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu.
Kepha uPhethro wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba ucabanga ukuthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.
Ngakho-ke: “Phumani phakathi kwabo, nehlukane nabo,” kusho iNkosi. “Ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,
Akuyukunamathela lutho oluqalekisiweyo esandleni sakho ukuze uSimakade aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, aniphathe ngomusa, abe nesihe kini, anandise, njengalokhu afunga kokhokho benu,
Ungaxhamazeli ubeke izandla kunoma ngubani, futhi ungahlanganyeli ezonweni zabanye, kodwa uhlale umsulwa.
Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Bantu bami, phumani kulo, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zalo, futhi ningehlelwa yizinhlupheko zalo.