Ngizigcinile izindlela zikaSimakade; angikwenzanga okubi ngokufulathela uNkulunkulu wami.
UNumeri 16:15 - IsiZulu 2020 UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuSimakade: “Ungawunaki neze umnikelo wabo; angithathanga nayinye imbongolo yabo, futhi angilimazanga namunye kubo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuJehova: “Unganaki umnikelo wabo; angithathanga nayinye imbongolo kubo, futhi angilimazanga namunye kubo.” Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuJehova: “Ungawunaki umhlatshelo wabo; |
Ngizigcinile izindlela zikaSimakade; angikwenzanga okubi ngokufulathela uNkulunkulu wami.
Kuthe esesondele enkanjini, wabona ithole nokusina, wathukuthela wagana unwabu, wazilahla phansi izibhebhe ayeziphethe, wazephula phansi kwentaba.
Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso; kakhulu kangakanani-ke uma ulethwa ngenhloso embi.
UMose wathi kuKhora: “Wena neviyo lakho lonke wozani kusasa, nime phambi kukaSimakade, wena, neviyo lakho no-Aroni.
Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.
UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.
Kepha mina angizange ngisebenzise nakunye kwalezo zinto, futhi angilobi lokhu ukuze kwenziwe kanjalo kimi, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuba umuntu akwenze ize ukuzigqaja kwami.
Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.
Sivuleleni indawo ezinhliziyweni zenu, asonanga muntu, asonakalisanga muntu, futhi asidlalanga ngamuntu.
Nina kanye noNkulunkulu ningofakazi bokuthi sahlala kanjani nani, nina enikholwayo ngobungcwele, ngobuqotho nangokungasoleki.