Kepha u-Abhrama waphendula wathi: “Ngifungile kuSimakade uNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba,
UNumeri 14:30 - IsiZulu 2020 abayukungena ezweni engafunga ngalo ukuthi ngiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune noJoshuwa, indodana kaNuni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE abayikungena ngempela ezweni engaphakamisa ngalo isandla sami ukuthi bengiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuqinisekile aniyikungena ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukuba nihlale kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni. |
Kepha u-Abhrama waphendula wathi: “Ngifungile kuSimakade uNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba,
Ngiyakuniyisa ezweni engafunga ukulinika u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa lenu. NginguSimakade.’ ”
Phezu kwalokho ngafunga kubo ehlane ukuthi angiyukubangenisa ezweni engangibanike lona, elichichima ubisi noju, elihle kunawo wonke amazwe,
ngihlunge kini abahlubuki nabaphambukayo kimi, ngibakhiphe ezweni lapho begogobele khona, kepha abayukungena kwelakwa-Israyeli, niyokwazi ukuthi nginguSimakade.
Kepha inceku yami uKhalebhu, ngenxa yokuba enomoya owehlukile, futhi engilandele ngenhliziyo ephelele, ngiyomngenisa ezweni aye kulo, izizukulwane zakhe ziyakulidla.
Kepha uJoshuwa, indodana kaNuni noKhalebhu, indodana kaJefune bona basinda kunalawo madoda ababehambe nawo ukuyohlola izwe.
ngoba uSimakade wayekhulumile ngabo, wathi: “Impela bayofela ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune, noJoshuwa, indodana kaNuni.
NguKhalebhu, indodana kaJefune, umKhenizi noJoshuwa, indodana kaNuni, kuphela abamlandela ngokupheleleyo uSimakade.’
yafunga Yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu nakho konke okukulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nolwandle nakho konke okukulo, yathi: “Akusayukuba bikho kubambezeleka.