Izinyathelo zami bazicuphe ngogibe, umphefumulo wami udangele, bangimbele umgodi, kwakhalakathela bona kuwo. Sela
UNumeri 14:21 - IsiZulu 2020 Nokho ngifunga ngiyagomela, uma nje inkazimulo kaSimakade isawugcwalisa umhlaba wonke, IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha impela, kuphila kwami nenkazimulo kaJehova eyakugcwalisa wonke umhlaba, Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa kuphila kwami, umhlaba wonke uzagcwala inkazimulo yeNkosi. |
Izinyathelo zami bazicuphe ngogibe, umphefumulo wami udangele, bangimbele umgodi, kwakhalakathela bona kuwo. Sela
Malibongwe igama lakhe elikhazimulayo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.
Kodwa ngenxa yalokhu, ngikugcinile waphila ukuze ngikukhombise amandla ami, nokwenza igama lami laziwe emhlabeni wonke.
Phakamisa amehlo akho ubuke nxazonke, bonke bayaqoqana, beza kuwe; ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade, “impela uyakubagqoka bonke njengemvunulo, ubabhince njengomakoti.
Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uSimakade Wamabandla, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”
“Ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade, “noma ngabe uKhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ube yindandatho yokusicilela esesandleni sami sokunene, bengiyokukuhluthula khona lapho,
“Ngifunga ngiyagomela,” kusho iNkosi uSimakade, “asisayukubuye sishiwo lesi saga kwa-Israyeli.
Njengalokhu ngehlulelana nokhokho benu ehlane eGibhithe, ngiyakwehlulelana nani kanjalo-ke,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
“Batshele, uthi kubo: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, angithokoziswa ngukufa komubi, kodwa ngithokoza uma isoni siphenduka endleleni yaso, siphile. Phendukani, nishiye izindlela zenu ezimbi, nina ndlu yakwa-Israyeli niyakufelani na?’
“Uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngifunga ngiyagomela ngithi, labo abasezindaweni ezichithakele impela bayokufa ngenkemba, osendle ngiyakumnikela ezilwaneni ukuba zimudle, nabasezinqabeni nasemigedeni bayobulawa wubhubhane.
Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, ngenxa yokuba ungcolise indawo yami engcwele ngakho konke okwenyanyekayo kwakho, nangazo zonke izinengiso zakho. Nami impela, ngiyakukunciphisa, iso lami aliyukuba nasihawu, futhi Mina, angiyukuba nabubele kuwe.
Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaSimakade, njengamanzi esibekela ulwadle.
Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, abantu bakwa-Amoni bafane neGomora, izwe lembabazane nemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade. Insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”
Yishoni kubo nithi: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho uSimakade, ngizokwenza kini njengalokhu enikushilo ezindlebeni zami.
Ngiphakamisela isandla sami ezulwini, ngithi: Mina ngiyakuphila kuze kube phakade.