Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 12:3 - IsiZulu 2020

Kepha uMose wayengumuntu omnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

(Umuntu uMose wayemnene kakhulu kunabo bonke abantu ababesemhlabeni.)

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 12:3
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade uyabaphakamisa abathobekileyo, izikhohlakali uziqumba phansi.


ngokuba uSimakade uyathokoza ngabantu bakhe abathobekileyo, ubahlobisa ngensindiso.


Ngokushesha uSimakade wakhuluma noMose no-Aroni noMiriyamu, wathi: “Wozani nobathathu ethendeni lokuhlangana.” Bahamba bobathathu.


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; yikhona imiphefumulo yenu iyakufumana ukuphumula.


“Yishoni kuyo indodakazi yaseZiyoni, nithi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe ithobekile, igibele embongolweni; yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”


Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.


Mina Pawula uqobo, ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKhristu. Mina engithobile uma ngiphambi kwenu, kodwa uma ngingekho phambi kwenu nginesibindi.


Ngokuba ngicabanga ukuthi angehluke ngalutho kulabo baphostoli abaziwa kakhulu.


Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kufanele ngabe nginconywa yinina. Angisilele ngalutho kubaphostoli abaqavile kakhulu, noma ngingento yalutho.


nakuba sasingaba yisisindo kini njengoba singabaphostoli bakaKhristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengonina onakekela abantwana bakhe.


Ngubani ohlakaniphileyo noqondayo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle ukuthi imisebenzi yakhe yenziwe ngobumnene bokuhlakanipha.


kepha makube ngumuntu osekusithekeni enhliziyweni, ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.