Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.
UNumeri 12:15 - IsiZulu 2020 UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa. Abantu abazange bahambe, waze wabuyiswa uMiriyamu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; abantu abahambanga, waze wabuyiswa uMiriyamu. Contemporary Zulu Bible 2024 UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa; abantu abahambanga waze wabuyiswa uMiriyamu. |
Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.
“Ohlanjululwayo uyohlanza izingubo zakhe, aphuce zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke. Emveni kwalokho uyakungena enkanjini, kodwa uyohlala ngaphandle kwethende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.
Nganikhuphula eGibhithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathumela uMose, u-Aroni noMiriyamu ukuba banihole.
Simakade, ngizwile umbiko ngawe, ngiyawesaba Simakade umsebenzi wakho; uvuselele nakule minyaka, wenze ukuba waziwe kule minyaka, ukhumbule isihawu sakho nasolakeni.