UNumeri 11:33 - IsiZulu 2020 Kepha inyama isephakathi kwamazinyo abo, bengakayihlafuni, ulaka lukaSimakade lwabavuthela abantu. USimakade wabashaya abantu ngobhubhane olukhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inyama isekhona phakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, ulaka lukaJehova lwavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokufa okukhulu kakhulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Inyama isaphakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, intukuthelo kaJehova yavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokushaywa okukhulu kakhulu. |
UNkulunkulu uyakugcwalisa isisu sakhe ngezinhlupheko, anise ukuvutha kwentukuthelo yakhe phezu kwakhe.
Wadedela umoya wasempumalanga ezulwini, ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.
Ababebulewe ubhubhane babeyizi-14 700, ngaphandle kwalabo abafa ngenxa kaKhora.
USimakade uyokushaya ngamathumba aseGibhithe, ngamaqhubu, ngomuna, nangotwayi, okungelapheki.