Niyakukwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli, nokuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu, akekho omunye; abantu bami abayukujabha kuze kube phakade.
UNumeri 11:29 - IsiZulu 2020 UMose wathi kuye: “Unomhawu ngenxa yami na? Sengathi ngabe bonke abantu bakaSimakade bangaba ngabaphrofethi, uSimakade abeke uMoya wakhe phezu kwabo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wathi kubo: “Unomhawu ngenxa yami na? Sengathi bonke abantu bakaJehova bangaba ngabaprofethi, uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo.” Contemporary Zulu Bible 2024 UMozisi wasesithi kuye: Ulobukhwele ngenxa yami yini? Kwangathi uNkulunkulu angabapha bonke abantu beNkosi babe ngabaprofethi, futhi uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo! |
Niyakukwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli, nokuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu, akekho omunye; abantu bami abayukujabha kuze kube phakade.
“Impela ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, lapho sengiguqula ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,
Yathi kubo: “Isivuno sikhulu, kepha ziyingcosana izisebenzi, ngakho-ke nxusani ukuba inkosi yokuvuna ithumele izisebenzi esivunweni sayo.
UPawula wayesethi: “Bengingafisa ukuba uNkulunkulu noma kukancane noma kukakhulu, kungabi nguwe wedwa, kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”
Uthando luyabekezela, lumnene; uthando alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi;
Ngifisa ukuba nonke nikhulume ngezilimi, kodwa ngifisa kakhulu ukuba niphrofethe. Mkhulu ophrofethayo kunokhuluma ngezilimi, ngaphandle kokuba azihumushe ukuze kwakheke ibandla.
ngokuba niphila ngokwenkambiso yabantu. Uma nje kusekhona kini umhawu nokuphikisana, anisibo yini abenyama? Anihambisi yini okwabantu na?
Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani.
Nicabanga ukuthi kuyize yini lokhu okushiwo wumbhalo, othi: “Umoya awubeka kithi uwunxanela ngomhawu” na?
Bazalwane, ningakhonondi omunye ngomunye ukuze ningehlulelwa. Nango umehluleli umi ngasemnyango.
Ngakho-ke lahlani bonke ububi, bonke ubuqili, ukuzenzisa, umhawu, nakho konke ukunyembenya.
UMoya kaSimakade uyokwehlela phezu kwakho, uphrofethe kanye nabo, uphenduke omunye umuntu.