Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 11:11 - IsiZulu 2020

UMose wathi kuSimakade: “Ukwenzeleni okubi encekwini yakho na? Kungani ngingafumananga musa emehlweni akho ukuba ungethwese umthwalo wabo bonke laba bantu na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UMose wathi kuJehova: “Uyiphatheleni kabi inceku yakho na? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo wabo bonke laba bantu phezu kwami na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UMozisi wasesithi eNkosini: Uyicindezeleleni inceku yakho? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo walesi sizwe phezu kwami na?

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 11:11
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakuthi kuNkulunkulu: ‘Ungangilahli njengonecala, kodwa ngazise; kuyini ongiphikisa ngakho na?


Uma Wena Simakade ungaqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho.


UMose wakhala kuSimakade, wathi: “Ngiyakwenzani ngalaba bantu na? Sekusele kancane ukuba bangikhande ngamatshe.”


UMose wabuyela kuSimakade, wathi: “Nkosi, yini wenze okubi kulaba bantu na? Ungithumeleni mina kubo na?


Maye, maye kimi lokhu ungizale ngaba ngumuntu wokuphikisana, nomuntu wokuxabanisa emhlabeni wonke! Angebolekanga lutho futhi angebolekwanga lutho; nokho bonke bayangiqalekisa.


Kungani ubuhlungu bami bungapheli, nenxeba lami lingelapheki na? Liyala ukuphola; impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo, nanjengamanzi angethembekile.


“Nithe: ‘Akusizi ngalutho ukukhonza uNkulunkulu; sizuzeni ngokugcina imiyalo yakhe nokuthi sihambe silila phambi kukaSimakade Wamabandla na?


UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo ngasemnyango wethende lakhe. Intukuthelo kaSimakade yavutha kakhulu, lokhu kwamdabukisa kakhulu uMose.


Vele wenza lokhu kimi ukuba ungibulale; ngiyakuncenga, ngibulale ngokushesha ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ungangivumeli ngibone usizi lwami.”


Ngaphandle kwalokhu, ngihlale ngiphansi kokucindezelwa imihla yonke ngenxa yokukhathazeka kwami ngamabandla wonke.


Mina ngedwa ngingazithwala kanjani izinhlupheko zenu, imithwalo yenu, nokuxabana kwenu na?