Ngokuba aniyukuphuma nixhamazela. Aniyukuhamba nibaleka, ngokuba uSimakade uyohamba phambi kwenu; uNkulunkulu ka-Israyeli uyoba nasemuva kwenu.
UNumeri 10:25 - IsiZulu 2020 Kwase kusuka ibhanela lenkambu yabozalo lukaDani, ngamabandla ayo, lona lalisemva kwazo zonke ezinye izinkambu. Owayelihola kwakungu-Ahiyezeri, indodana ka-Amishadayi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lase lisuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaDani elalisemva kwawo onke amakamu ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi. Contemporary Zulu Bible 2024 Lase likhuphuka ibhanela lekamu labantwana bakwaDani, elingumvuzo wamakamu onke ngamaviyo awo; phezu kwebutho lakhe kwakungu-Ahiyezeri indodana ka-Amisadayi. |
Ngokuba aniyukuphuma nixhamazela. Aniyukuhamba nibaleka, ngokuba uSimakade uyohamba phambi kwenu; uNkulunkulu ka-Israyeli uyoba nasemuva kwenu.
Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane, ukulunga kwakho kuyokukwendulela, inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho.
Iqembu lesizwana sabozalo lukaBhenjamini laliholwa ngu-Abhidani indodana kaGideyoni.
Ibandla lesizwana sabozalo luka-Asheri laliholwa nguPhagiyeli, indodana ka-Okhirani.
Ngosuku lweshumi kwakungu-Ahiyezeri, indodana ka-Amishadayi, umholi wabozalo lukaDani.
Abaphristi abayisikhombisa ababephethe amacilongo ezimpondo zezinqama ayisikhombisa, bedlula phambi komphongolo kaSimakade beshaya amacilongo. Amadoda ahlomile ahamba phambi kwabo, amanye alandela umphongolo kaSimakade, kwathi abashaya amacilongo bawashaya bengaphumuli.
Amadoda ahlomile ahamba phambi kwabaphristi ababeshaya amacilongo. Amanye ahamba ngemuva elandela umphongolo, abashaya amacilongo bawashaya kabaze baphumula.