Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya khona lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela ngasemphongolweni kaNkulunkulu.
UNumeri 1:51 - IsiZulu 2020 Lapho sekusukwa, abaLevi bayoliwisa ithabanakeli, kuthi lapho kukaniswa khona, babuye balimise; umfokazi oyosondela kulo uyakubulawa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ekusukeni kwetabernakele* amaLevi ayakulisusa, ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho itabernakele lisuka, amaLevi kumelwe alidilize; ekumisweni kwetabernakele, amaLevi alimise; futhi umfokazi osondelayo kumelwe abulawe. |
Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya khona lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela ngasemphongolweni kaNkulunkulu.
Kwathi ngonyaka wesibili, ngenyanga yesibili, ngolwa-20 lwenyanga, ifu laphakanyiswa phezu kwethabanakeli lobufakazi.
zaba yisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli, ukuze kungabi bikho mfokazi ongesiye owozalo luka-Aroni oyakulokotha asondele ashise impepho phambi kukaSimakade; ukuze angabi njengoKhora neviyo lakhe, njengalokhu uSimakade akhuluma kuye ngoMose.
Bonke abasondela ethabanakelini likaSimakade bayakufa; siyakufa siphele sonke na?”
Kuyothi lowo muntu engiyokumkhetha, intonga yakhe ihlume, ukuze ngiqede ukukhononda abakwa-Israyeli abanakho ngani.”
Abantu bakwa-Israyeli abayukusondela ethendeni lokuhlangana, funa bathwale isono, bafe.
Bayokwenza wonke umsebenzi wakho nomsebenzi wonke wethende, kodwa abayukusondela empahleni yendlu engcwele nase-althare, ukuze bona nani ningafi.
Bayakuzihlanganisa nawe, bagcine inkonzo yethende lokuhlangana kuwo wonke umsebenzi wethende; umfokazi akayukusondela kuwe.
Wena, namadodana akho ahlala nawe, niyakugcina ubuphristi kukho konke okuphathelene ne-althare, nakukho konke okungaphakathi kwesihenqo. Lokhu kungumsebenzi wenu, ngokuba ngininika ubuphristi bube yinkonzo eyisipho kini, umfokazi osondelayo uyobulawa.”
Uyoqoka u-Aroni namadodana akhe ukuba benze umsebenzi wobuphristi; umfokazi oyosondela kubo, uyakubulawa.”
Ababekanise ngaphambi kwethabanakeli ngasempumalanga, phambi kwethende lokuhlangana lapho kuphuma khona ilanga, kwakunguMose, u-Aroni namadodana akhe. Umsebenzi wabo kwakungukwenza izinkonzo endaweni engcwele, bagcine umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli; umfokazi oyosondela kubo uyobulawa.
Wabulala abantu baseBhethi Shemeshi ngokuba babebuke emphongolweni kaSimakade. Wabulala abangama-70 kubo emadodeni ayeyizi-50 000. Abantu balila ngoba uSimakade wabulala abantu abaningi kakhulu.