Inkosi yayisibiza uJehoyada, inhloko, yathi kuye: “Kungani ungajubanga abaLevi ukuba balethe kwaJuda naseJerusalema intela eyamiswa nguMose, inceku kaSimakade, ebandleni lika-Israyeli, ibe ngeyethende lobufakazi na?”
UNumeri 1:50 - IsiZulu 2020 Kunalokho uyakubabeka abaLevi bengamele ithabanakeli lobufakazi nayo yonke impahla yalo, bayakulithwala ithabanakeli nempahla yalo yonke, bakhonze kulo, bakhe amathende abo, balizungeze. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele* lobufakazi, naphezu kwazo zonke izimpahla zalo, nakho konke okwalo; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa kumelwe ubeke amaLevi phezu kwetabernakele lobufakazi naphezu kwazo zonke izitsha zalo naphezu kwakho konke okungokwalo; kumelwe bathwale itabernakele nazo zonke izinto zalo; bayakulikhonza, balimise nxazonke zetabernakele. |
Inkosi yayisibiza uJehoyada, inhloko, yathi kuye: “Kungani ungajubanga abaLevi ukuba balethe kwaJuda naseJerusalema intela eyamiswa nguMose, inceku kaSimakade, ebandleni lika-Israyeli, ibe ngeyethende lobufakazi na?”
AbaLevi babhalwa emihleni ka-Eliyashibhi, noJoyada, noJohanani, noJaduwa; njengezinhloko zemindeni yoyise nabaphristi ekubuseni kukaDariyu, umPheresiya.
ezinsukwini zikaZerubhabhele noNehemiya, wonke u-Israyeli wanikela ingxenye yansuku zonke ukubonelela abaculi nabalindisango. Bahlukanisa lokho okwakungokwabaLevi, nabaLevi bakuhlukanisela abozalo luka-Aroni.
AbaLevi: uJeshuwa, uBhinuwi, uKadimiyeli, uSherebhiya, uJuda, uMathaniya owayengamele amahubo okudumisa, nabangani bakhe,
Ngayala abaLevi ukuba bazingcwelise, kube yibo abaqapha emasangweni ebusuku ukuze kugcinwe usuku lweSabatha lungcwele. Ungikhumbule Nkulunkulu wami, ube nomusa kimi ngokuba mkhulu umusa wakho.
walungisela uThobiya igumbi elikhulu lapho kwakubekwa khona umnikelo wokusanhlamvu, impepho, izitsha, okweshumi kokusanhlamvu, iwayini, amafutha, okwakunikwe ngokomthetho abaLevi, abaculi, abalindisango neminikelo yabaphristi.
lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaSimakade, ngokomthetho wakwa-Israyeli, ukuba idumise igama likaSimakade.
USimakade eseqedile ukukhuluma noMose entabeni iSinayi, wamnika izibhebhe ezimbili zesivumelwano, izibhebhe zamatshe, zibhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.
Lezi kwakuyizindleko zethabanakeli; ithabanakeli lesivumelwano, ezahlanganiswa njengokuyala kukaMose, umsebenzi wabaLevi wawuphansi kuka-Ithamari, indodana ka-Aroni umphristi.
AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”
Kwasuka nabakwaKhohathi abangabathwali bezinto zendawo engcwele: ithabanakeli lamiswa ngaphambi kokufika kwabo.
“Niyakugcina inkonzo yendlu engcwele nenkonzo yase-althare, ukuze ulaka lungabe lusaba khona phezu kwabantu bakwa-Israyeli.
Ithende lokuhlangana nenkambu yabaLevi kuyakusuka kube phakathi kwezinye izinkambu. Bayakusuka njengalokho bebekanisile, yilelo nalelo qembu endaweni yalo, ngokwamaviyo alo.
UMose waphakamisa isandla sakhe, walishaya kabili idwala ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi, yaphuza inhlangano nemfuyo yayo.
“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukwemboza indawo engcwele nempahla yonke yendawo engcwele, lapho inkambu seyithutha, kuyakuza abozalo lukaKhohathi ukuzokuthwala, kodwa abayukuthinta lutho olungcwele ngokuba bayokufa. Lezi zinto zingumthwalo wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana.
kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukuzokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana.
AbaLevi ngibanike u-Aroni namadodana akhe ukuba abe yisipho sabo esivela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana, nokubenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabi bikho sifo phakathi kwabo, lapho abantu bakwa-Israyeli besondela endaweni engcwele.”
UMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, benza kubaLevi njengakho konke uSimakade ayeyale ngakho uMose ngabaLevi; abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke.
Emveni kwalokho abaLevi bahamba ukuyokwenza umsebenzi wabo ethendeni lokuhlangana phambi kuka-Aroni namadodana akhe, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose ngabo. Benza kanjalo-ke kubaLevi.