Amadodana kaGadi: kwakunguZifiyoni, uHagi, uShuni, u-Ezibhoni, u-Eri, u-Arodi, no-Areli.
UNumeri 1:24 - IsiZulu 2020 Abozalo lukaGadi, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kubantwana bakwaGadi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: Contemporary Zulu Bible 2024 Kubantwana bakwaGadi ngemindeni yabo ngezizukulwane zabo nangezindlu zawoyise ngokwenani lamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma; |
Amadodana kaGadi: kwakunguZifiyoni, uHagi, uShuni, u-Ezibhoni, u-Eri, u-Arodi, no-Areli.
Kubantu bakwa-Amoni. Usho kanje uSimakade, uthi: “Kanti u-Israyeli akanamadodana, akanandlalifa na? Kungani inkosi yabo idle elakwaGadi, nabantu bayo bahlala emizini yakhona na?
Abozalo lukaRubeni nolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase bawela umfula behlomile phambi kwabantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uMose ayebayalile.