Wakhulelwa, wathola enye indodana, wayiqamba igama wathi nguSimeyoni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade uzwile ukuthi ngiyisaliwakazi, wayesengipha nalena futhi indodana.”
UNumeri 1:22 - IsiZulu 2020 Abozalo lukaSimeyoni, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kubantwana bakwaSimeyoni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi: Contemporary Zulu Bible 2024 Kubantwana bakwaSimeyoni, izizukulwane zabo ngezizukulwane zabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo ngenani lamagama, ngokwezinhlu zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili ubudala. Nangaphezulu, bonke abangaphuma impi; |
Wakhulelwa, wathola enye indodana, wayiqamba igama wathi nguSimeyoni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade uzwile ukuthi ngiyisaliwakazi, wayesengipha nalena futhi indodana.”
Wabafulathela, wakhala; wabuye waphindela kubo, wakhuluma nabo, wayesesusa uSimeyoni kubo, waboshwa bebuka.
Amadodana kaSimeyoni kwakunguJemuweli, uJamini, u-Ohadi, uJakhini, uZoha noShawule, owayezalwa ngowesifazane ongumKhanani.
Makabongwe uSimakade, idwala lami, ofundisa izandla zami ukuhlasela, neminwe yami, ukulwa,
esizwaneni sakwaSimeyoni beyizi-12 000, esizwaneni sakwaLevi beyizi-12 000, esizwaneni sakwa-Isakhare beyizi-12 000,