UNehemiya 9:6 - IsiZulu 2020 “Nguwe wedwa onguSimakade, nguwe owenza izulu, izulu lamazulu, nayo yonke imikhosi ekulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nezilwandle nakho konke okukuzo, konke ukuphe ukuphila, imikhosi yasezulwini iyakukhothamela.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wena unguJehova, wena wedwa. Wenzile izulu, izulu lamazulu nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuzo, ulonda konke, nebandla lasezulwini likhuleka kuwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Wena, yebo, wena unguJehova wedwa; Wena walenza izulu, izulu lamazulu, nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuwo, uyakulonda konke; nebandla lezulu liyakukhonza. |
UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwesibhakabhaka mawaqoqeleke ndawonye, kuvele umhlabathi owomileyo.” Kwaba njalo.
UJakobe ezibona, wathi kuzo: “Leli yibutho likaNkulunkulu.” Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiMahanayimu.
UMikhaya wathi: “Ngakho-ke yizwa izwi likaSimakade: ngambona uSimakade ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi; nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye, kwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.
“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala ngempela yini emhlabeni na? Ngisho izulu nezulu lamazulu alinakukumumatha; pho ibiyini-ke le ndlu encane engiyakhileyo na?
UHezekiya wakhuleka phambi kukaSimakade, wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli ohleli phezu kwamakherubhi, Wena wedwa unguNkulunkulu, nguwe wedwa owenze izulu nomhlaba.
Manje, Simakade Nkulunkulu wethu, ake usisindise esandleni sakhe, ukuze yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi Wena, Simakade, unguNkulunkulu, Wena wedwa.”
AbaLevi: uJeshuwa, uKadimiyeli, uBhani, uHashabhineya, uSherebhiya, uHodiya, uShebhaniya noPhethahiya, bama kwenye indawo ephakeme, bamemeza bathi: “Sukumani nidumise uSimakade uNkulunkulu wenu, kusukela phakade, kuze kube phakade.” “Malibongwe iGama lakho elidumisekayo neliphakeme phezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.”
Izisekelo zomhlaba wazibeka kwasemandulo, namazulu angumsebenzi wezandla zakho.
Bongani uSimakade nina mabandla akhe wonke, nina zinceku zakhe enenza intando yakhe.
owenze izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukulo, ogcina iqiniso kuze kube phakade.
Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguSimakade Wamabandla, nguYena oyiNkosi yenkazimulo. Sela
Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu, ukwehlulela kwakho kunjengotwa olujulile. Simakade, usindisa abantu nezilwane ngokufanayo.
“Simakade Wamabandla, Nkulunkulu ka-Israyeli, oqhwakele phezu kwamakherubhi, unguNkulunkulu, Wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, nguWena owenze izulu nomhlaba.
Manje, Simakade Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuze yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi Wena wedwa, unguSimakade.”
“Ningofakazi bami,” kusho uSimakade, “nenceku yami engiyikhethileyo, ukuze nazi, futhi ningikholwe, niqonde ukuthi Mina nginguye. Akukho nkulunkulu owenziwa ngaphambi kwami, futhi akekho oyokwenziwa ngasemuva kwami.
“Usho kanje uSimakade, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uSimakade Wamabandla, uthi: ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina, ngaphandle kwami akekho uNkulunkulu.
Ningabi naluvalo, ningesabi; angimemezelanga yini kusukela emandulo, nganazisa na? Nina ningofakazi bami. Ukhona yini uNkulunkulu ngaphandle kwami na? Qha, alikho iDwala; angilazi.”
Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; yizandla zami ezaleneka izulu, ngayala wonke amaviyo alo.
“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.
Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza.
Wathi kuwo: “NgingumHebheru, ngikhonza uSimakade, uNkulunkulu wamazulu, owenze ulwandle nomhlabathi owomileyo.”
Sebezwile, benyusela izwi labo nganhliziyonye kuNkulunkulu, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, umhlaba, ulwandle nakho konke okukukho,
“Bheka, izulu nezulu lamazulu, nomhlaba nakho konke okukuwo, kungokukaSimakade uNkulunkulu wakho.
“ ‘Bonani manje ukuthi Mina, yebo, Mina Nginguye, akekho unkulunkulu ngaphandle kwami; Mina ngiyabulala, ngibuye ngiphilise, ngilimaze, futhi ngipholise; akekho ongabahlenga esandleni sami.
Yona ethi ingukubengezela kwenkazimulo yakhe futhi ifuze Yena luqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo. Ithe seyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu.
Mhla futhi eletha izibulo emhlabeni uthi: “Izingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”
Yasho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike udumo, ngokuba ihora lokwehlulela kwakhe selifikile. Mkhonzeni lowo owadala izulu, umhlaba ulwandle, nemithombo yamanzi.”
“Ufanele Wena Nkosi noNkulunkulu wethu ukwemukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wadala izinto zonke, futhi zonke zikhona, zadalwa, ngokuthanda kwakho.”