“Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo.
UNehemiya 9:12 - IsiZulu 2020 Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Wabahola ngensika yefu emini; nasebusuku ngensika yomlilo ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo. |
“Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo.
Mangizwe ububele bakho ekuseni, ngokuba ngethembela kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba umphefumulo wami ngiwuphakamisela kuwe.
“Ngomusa wakho omiyo njalo uhole abantu bakho obakhululileyo; wabahola ngamandla akho wabayisa endaweni okuhlala kuyo ubungcwele bakho.
“ ‘ “Ngalolo lusuku ngafunga kubo ukuba ngibakhiphe eGibhithe, ngibayise ezweni engangibakhethele lona, izwe elichichima ubisi noju, futhi elihle kunawo wonke amazwe.
Kokunye ifu lalihlala ubusuku nje obubodwa kuze kube sekuseni; kuthi uma liphakanyiswa ekuseni, bahambe. Noma ngabe ifu lalingahlala ubusuku nemini, kwakuthi uma lenyuswa baqhubeke nohambo.
owayehamba phambi kwenu endleleni enifunela indawo yokuba nikanise kuyo. Ebusuku wayenibonisa ngomlilo indlela enizohamba ngayo, nangefu emini.