Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle.
UNehemiya 8:16 - IsiZulu 2020 Abantu base bephuma beyogawula amagatsha, yilowo nalowo wazakhela idokodo ophahleni lwendlu yakhe, emagcekeni abo, emagcekeni endlu kaNkulunkulu, naseshashalazini elingaphambi kweSango Lamanzi, nelingaphambi kweSango Lika-Efrayimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bephuma abantu, balanda lokho, bazenzela amadokodo, kwaba yilowo nalowo ophahleni lwendlu, nasemagcekeni abo, nasemagcekeni endlu kaNkulunkulu, nasesigcawini seSango Lamanzi, nasesigcawini seSango lakwa-Efrayimi. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantu baphuma bawaletha, bawenza amadokodo, kwaba yilowo nalowo ophahleni lwendlu yakhe nasemagcekeni abo nasemagcekeni endlu kaNkulunkulu, nasesigcawini seSango Lamanzi nasezitaladini zakwa-Efrayimi. Isango. |
Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle.
UJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli, yambamba u-Amaziya, inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi ka-Ahaziya, eBhethi Shemeshi. UJehowashi weza eJerusalema, wabhidliza ugange lwakhona kusukela esangweni kwa-Efrayimi kuze kube sesangweni iGumbi; kwaba yisikhala esingamakhubhithi angama-400.
UJehoshafathi wema ebandleni lakwaJuda nelaseJerusalema endlini kaSimakade, phambi kwegceke elisha,
Emagcekeni omabili endlu kaSimakade, wakhela lonke ibandla lasezulwini ama-althare.
NgaseSangweni Lomthombo, phambi kwabo, bakhuphuka ngezikhwelo zomuzi kaDavide, ezikhwelweni zogange, ngasenhla kwendlu kaDavide, kwaze kwaba seSangweni Lamanzi, empumalanga.
nangenhla kweSango Lakwa-Efrayimi, naseSangweni Elidala, eSangweni Lenhlanzi, eMbhoshongweni KaHananeli, eMbhoshongweni KaHameya, naseMbhoshongweni Wekhulu, kwaze kwaba seSangweni Lezimvu; bema eSangweni Lejele.
nezisebenzi ezazihlala ethempelini e-Oferi, bakha kabusha ingxenye emalungana neSango Lamanzi, empumalanga yejika lombhoshongo. Lokhu kwakuseduze nengxenye yomuzi okwakuthiwa yi-Ofeli, lapho kwakuhlala khona amadoda ayesebenza ethempelini.
Abantu base behlangana, kwangathi bamuntu munye, egcekeni elaliphambi kweSango Lamanzi. Bamtshela u-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uSimakade awunika u-Israyeli.
Wafunda kuyo ebheke ngaseshashalazini elalingaphambi kweSango Lamanzi. Waqala entathakusa kwaze kwaba semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nalabo abasebenokuqonda.
Izindlu eJerusalema nezigodlo zamakhosi akwaJuda, ziyakungcola njengeThofethi, yebo, nakuzo zonke izindlu abashisele ibandla lasezulwini impepho, phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo.’ ”
AmaKhaledi alwa nalo muzi ayakufika, awuthungele ngomlilo, awushise nalezo zindlu ababeshisela uBhali impepho phezu kophahla lwazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo ukuba bangicunule.
“Lapho wakha indlu entsha, uyokwenza umpheme ophahleni lwayo ukuze ungazethwesi icala legazi uma umuntu ewa lapho.