Abaholi babantu bahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza unkatho, bakhetha oyedwa kwabalishumi ukuba ayohlala eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye emizini yakubo.
UNehemiya 7:4 - IsiZulu 2020 IJerusalema lalingumuzi omkhulu, linendawo ebanzi, kodwa zaziyingcosana kakhulu izakhamuzi ezazihlala kulo; yayingeminingi imizi eyayakhiwe kabusha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umuzi wawubanzi nxazombili; wawumkhulu, kepha abantu babe yingcosana phakathi kwawo, izindlu zingakakhiwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Umuzi wawumkhulu, ubanzi, kepha abantu babembalwa kuwo, nezindlu zingakakhiwa. |
Abaholi babantu bahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza unkatho, bakhetha oyedwa kwabalishumi ukuba ayohlala eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye emizini yakubo.
Ngathi kubo: “Amasango aseJerusalema mabangawavuli lize liphakame ilanga, kusihlwa basheshe bavale imigoqo nezicabha, ngesikhathi abaqaphi besaqaphile ezindaweni zabo. Ngabuye ngathi mabaqoke abaqaphi phakathi kwabantu abahlala eJerusalema, babamise ezindaweni ezithile, abantu behle benyuka bezungeza indawo eseduze nemizi yabo.”
UNkulunkulu wangenza ngaba nevuso enhliziyweni yami, ngase ngimemela abantu embizweni yeziphathimandla nezikhulu nabantu, ukuba bazobhalisa ngokwemindeni yabo. Ngathola umlando wolibo lwalabo ababebuye kuqala. Nakhu engakutholayo:
Abanye phakathi kwenu bayokwakha kabusha incithakalo yezakhiwo zasemandulo; uyakuvusa izisekelo zezizukulwane ngezizukulwane, uyobizwa ngokuthi unguMvuseleli wezingange, noMlungisi wemigwaqo ukuba kuhlalwe kukho.
Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.