Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNehemiya 5:4 - IsiZulu 2020

Abanye babethi: “Sibambise ngamasimu ethu nezivini zethu ukuze sithole imali yokukhokha intela enkosini.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Babe khona nabathi: “Sitshelekile imali yokuthela enkosini ngamasimu ethu nangezivini zethu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwakukhona nabathi: “Saboleka imali yentela yenkosi, nangemali yamasimu ethu nezivini zethu.”

Uka jalj uñjjattʼäta



UNehemiya 5:4
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

nabantwana babo, ababesele ezweni, abakwa-Israyeli abangakwazanga ukubaqeda nya, uSolomoni wabenza izisebenzi eziyizigqila kuze kube yinamuhla.


“Manje makwazeke enkosini ukuthi uma lo muzi nezingange zawo kwakhiwa kabusha kuphele, abantu bazoyeka ukukhokha intela, imali yendlela, nentela yasebukhosini izokwehla.


Kakade kwakubusa amakhosi anamandla eJerusalema, ebusa sonke isifundazwe sasentshonalanga yeYufrathe, eqoqa intela nemali yendlela.


Futhi siyanazisa ukuthi anivunyelwe ukukhokhisa intela abaphristi, abaLevi, abaculi, abalindisango, izisebenzi zasethempelini nezinye izisebenzi ezisebenza kule ndlu kaNkulunkulu.


Kwakukhona futhi nabathi: “Sibambise ngamasimu ethu, ngezivini zethu, nangemizi yethu, ukuze sithole okusanhlamvu ngenxa yendlala.”


Ngenxa yezono zethu, isivuno salo esikhulu sesidliwa ngamakhosi owabeke phezu kwethu. Abusa thina nemfuyo yethu ngokuthanda kwawo. Sisenhluphekweni enkulu.”


Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.


Nokho-ke abakwazanga ukuwaxosha amaKhanani ayehlala eGezeri; ngakho-ke asahlala phakathi kwabakwa-Efrayimi kuze kube yinamuhla, kodwa bawenza izinceku zokubasebenzela.