Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNehemiya 4:6 - IsiZulu 2020

Saqhubeka nokwakha, saphumelela ukulwakha kabusha ugange lwaze lwaphakathi nendawo ubude, ngoba abantu babenomdlandla wokusebenza.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Sase sivusa-ke ugange; lonke ugange lwahlanganiswa kwaze kwagamanxa, ngokuba abantu babenenhliziyo yokusebenza.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngakho salwakha umduli; ugange lonke lwahlanganiswa nengxenye yalo, ngokuba amadoda ayeshisekela ukusebenza.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNehemiya 4:6
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami bayini ukuba sibe namandla okunikela kangaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, thina-ke sikunika okuvela esandleni sakho.


Futhi njengokuba ngiyayithanda indlu kaNkulunkulu wami, nginengcebo yegolide nesiliva, ngiyakunikela endlini kaNkulunkulu wami, phezu kwakho konke engikulungisele indlu engcwele,


UHezekiya nabantu bonke bathokoza ngenxa yalokho uNkulunkulu ayebalungiselele khona abantu, ngokuba lokho kwenzeka kungalindelwanga muntu.


Ungabaxoleli izono zabo, necala labo ungalesuli phambi kwakho, ngokuba bakwedelele phambi kwabakhi.”


Lapho uSanibhalathi, uThobiya, ama-Arabhu, ama-Amoni nama-Ashidodi, bezwa ukuthi ugange eJerusalema luyakhuphuka nokuthi izimfa ziyavalwa, bathukuthela kakhulu,


Umsebenzi wokwakhiwa kabusha kogange waphela mhla zingama-25 ngenyanga u-Eluli, wathatha izinsuku ezingama-52.


Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


Jerusalema, wena owakhiwe njengomuzi ohlanganiswe waqina,


USimakade wavuselela umoya kaZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nomoya wensali yonke yabantu, beza, basebenza endlini kaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wabo,


Ngokuba uNkulunkulu nguye osebenza kini ukuba nithande, futhi nenze ngokwentando yakhe.


makanihlomise ngakho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, enza kithina lokho okuthandekayo kuye ngoJesu Khristu; makube kuye inkazimulo, kuze kube phakade naphakade. Amen.